Inhloso yalo mkhosi kungukuhlinzeka ngomcimbi omnandi futhi ozokhumbuleka ozokwazi ukuba inhlasi ebantwaneni ukuze bathande ukuxoxa kwezindaba kanye nokufunda ngesiXhosa. Imikhosi inikeza ngenkundla yokusebenzisana kanye nokuxhumana phakathi kwabafundi, ababhali kanye nabashicileli bemibhalo yezincwadi zesiXhosa. Imikhosi ithuthukisa othisha besiXhosa kanye nabaphathi bezindlu zamabhuku ukuthi bafinyelele kwizinsiza bebe beqwashisa umphakathi ngemibhalo yezincwadi zesiXhosa.
Uhlelo lomkhosi weminyaka yonke oluye luthathe izinsuku ezintathu lubhekele abantwana abaneminyaka ehlukene, abazali, abanakekeli, othisha kanye namalunga omphakathi. Ukubakhona kwezinsimbi ezifana nemarimba kanye nezinye izinhlobo zokungcebeleka kuye kusize abaxoxi bezindaba ekujabuliseni abathameli bomkhosi abancane nabadala.
Umkhosi ubanohlu olude lwabaxoxi bezindaba, kuthi ababhali bahole ukuxoxa kwezindaba kanye imihlangano yokufundisana ukubhala. Ababhali kanye nabaxoxi bezindaba abanemikomelo ehlukene njengoSindiwe Magona, gcina Mhlophe, Cebo Solombela, Mhlobo Jadezweni, oSiphiwo Mahala waseGrahamstown, kanye nomlingisi kanye nomqondisi odume kakhulu uJohn Kani sebeke baba yingxenye yalomkhosi.
Indawo enkulu yomkhosi seyishintshiwe yasuswa ebhilidini iMomentum yayiswa ebhilidini Elisha leNational English Literary Museum(NELM) esemgwaqeni obizwa ngeWorcester eGrahamstown. Okugqamile kulomkhosi ngumbukiso wansuku zonke ohambisana nokwethulwa kwezincwadi, izingxoxo kanye nokufundwa kanye nama-open mic sessions. Umbukiso uhlanganiswe yiNational English Literay Museum futhi ubonisa ngezincwadi zabantwana zesiXhosa kanye nokunye okuqukethwe ngezinye izindlela.