Review

Reviewed Book:

Reviewed Book:

Review by Anonymous

Umtshingo ukhipha umculo omtoti. Lendaba imayelana nabantu basedolobheni elithize kanye nendoda nomtshingo.

Umtshingo owenza imilingo. Umtshingo ukhipha umculo omtoti. Lendaba imayelana nabantu basedolobheni elithize kanye nendoda nomtshingo. Umphakathi wawunenkinga yokuhlaselwa yisikhonyane samagundane ayebhubhisa kwasani endaweni. Lendaba yenzeka kudaladala edolobheni elithize endaweni yokuhlanganyela umphakathi ngezikhathi zasekuseni zokuphakama kwelanga.

Umphakathi wawulinde kusodolobha isixazululo. Indoda engaziwa endaweni yaqhamuka nesixazululo esihambisana nemibandela yokukhokheleka uma ixazulula inkinga eyayikhungethe indawo. Indoda yasebenzisa indlela ethize ukuxazulula lenkinga yamagundane ayehlasele idolobha. Ekugcineni kwaba nokungathembeki ngesithembiso ababesenzile nosodolobha lokho okwaba nemiphumela engemihle emphakathini. Umphakathi wazithola usunenkinga enkulu yesibili. Uma uqhubeka nokufunda indaba uyathola ukuthi iyiphi leyonkinga owazithola ukuyona ngenxa yobuqili bukasodolobha.

Kubalulekile ukugcina izithembiso zakho ngoba kunabantu abasuke bethembele kuwe. Kubalulekile ukuthembeka kokuncane uthembeke nakokukhulu. Uzokuthokozela ukufunda ukuthi indoda yawanqoba kanjani amagundane ayeselihluphile idolobha, nokuthi engabe oluphi olunye udweshu lwangaphandle olwenzeke kulendaba phecelezi inkinga yesibili.

Other reviews of this book

No more reviews of this book were found