Review

Reviewed Book:

Reviewed Book:

Review by Nonhlanhla

Lendaba imayelana ngentombazane igama layo kunguSiziwe nezingane zakubo.Lendaba yenzeka endaweni yase Gugulethu.

Ithemba alibulali. Lendaba imayelana ngentombazane igama layo kunguSiziwe nezingane zakubo.Lendaba yenzeka endaweni yase Gugulethu. Lendaba iyenzeka esikhathini samanje, uSindiwe Magona ungumbhali odumile obhala izindaba zezingane ezimnandi kakhulu.

Umbhali uveza umnyalezo omkhulu kubafundi balendaba ukuthi ithemba alibulali ikakhulukazi uma ukholwa kumdali. Kubalukile ukukhetha abangani abathembakele kuthi nasemndenini yethu, ngoba esikhathini samanje akusalula ukuthola umngani weqiniso. Umbhali uphinda aveza udweshu lwangaphakathi lapho eveza ukukhathazeka kwezingane ngokudla. Lendaba isebenzisa ulwimi olulula kakhulu ngoba ifundeka kalula ayinalo ulwimi oluqinile. Imidwebo yalendaba icacile kakhulu futhi igqamile kakhulu ikakhulukazi ingaheha abantu abaningi ngoba iyakwazi futhi ihambisana namagama endaba. Ngingathanda ukukhuthaza abazali ukuthi bafundele abantwana lencwadi. Lendaba ingafundwa abantwana basezingeni lesihlanu. Ingqikithi yalendaba inemoya emibili wokukhathazeka nowokujabula kwabalingisi bendaba.

Other reviews of this book

No more reviews of this book were found