Review

Reviewed Book:

Reviewed Book:

Review by Abednego Mandlenkosi Maphumulo

Namhlanje, sitshala inkosi iyingxenye yochungechunge lezinganekwane zase-Afrika ezibhalwe nguSindiwe Magona, imifanekiso yadwetshwa nguNicole Blomkamp.

Namhlanje, sitshala inkosi iyingxenye yochungechunge lezinganekwane zase-Afrika ezibhalwe nguSindiwe Magona, imifanekiso yadwetshwa nguNicole Blomkamp. UNyaniso uthola isifundo kuthisha kaSontosikole ngokutshalwa kwenkosi. Isifundo simayelana nezimfundiso zikaNelson Mandela owayetshalwa ngeSonto eQunu. UNyaniso ufuna ukulandela indlela elungile eyayiphilwa nguMandela. Wazi kutshalwa izitshalo hhayi abantu. Uthisha umchazela isihlonipho esithi abantu bayangcwatshwa kodwa amakhosi ayatshalwa.

Indikimba imayelana nokutshalwa kwenkosi. Ukutshalwa kukaMandela kuhlangana kuphi neSonto? Abantu bomdabu neSonto banenkolelo yokuthi inkosi ayifi kepha kuzalwa umoya wayo emzimbeni omusha, iqhubeke ibuse isizwe sayo noma ingasekho. Nenkolo yobuKhristu inaleyo nkolelo. Ezinye izimfundiso zikaMandela noma ngokokuzalwa wayeyinkosi yendabuko zazinakho ukufana nezenkosi yamakhosi uJesu. Lapha singabala isihawu, uxolo nokuthula. Imifanekiso mihle iyahambelana nokuxoxwa indaba nokumeleleka kwengane yom-Afrika.

Izingane zizoyijabulela kakhulu incwadi. Umlingiswa osemqoka nembangi yakhe uLunga bavezwe kahle. Ngezimfundiso azitholile uNyaniso uguqula ibhoklolo eliwuLunga ukuba liyeke ubuqhwaga.

Ulimi olusetshenzisiwe luhle. Bengingafisa ukuba kulungiseke encwadini iphutha eligqamile lokuthi ukutshalwa kwenkosi isifaniso. Okuyikhona okulungile ukuthi isihlonipho. Nginxusa abazali nabothisha bayithengele izingane.

Other reviews of this book

No more reviews of this book were found