Review
Reviewed Book:
Reviewed Book:
Ziyokudlula ulele. Isuswa kwisaga sesintu esithi, “Imbila yaswela umsila ngokuyalezela.
Inkosi ejabulile nephanayo uBhubesi uzithola ezibuza ukuthi yini kanye kanye angayenza ukusabalalisa lenjabulo kwizikhonzi zayo. Emuva kokudingida loludaba kabanzi, umkhandlu ujutshwa ukuthi uhambe kude nakude ucobelelane ngesimemo sendumezulu womcimbi wokuphiwa izipho nokuphakelwa izibiliboco ebukhosini.
Lisempondo zankomo izilwane ziqala ukubamba umugqa ukuze zibambe iqhaza. Zazingabuthanga qhuthu, zilangazelela ukuya enkosini. Kunezifundo ezinhle ezifundeka kulencwadi. Ibonisa ukuthi ubuvila abukhokheli. Uma ufuna okuthile emhlabeni, kudingeka usukume uzenzele, uzibambele mathupha. Iphinde ifundise umusa nokunakekelwa kwezihambi.
Impilo iqukethe izithelelo eziningi, ezimnandi kepha zisondezwa ngokukhuthala nokuqikelela ukuze ume emgqeni. Kuyathandeka ukuthungwa kanye nesimo semidwebo.
Incwadi ene ndaba enhle, enobuqili nechazayo. Iyaheha futhi idonsa umuntu. Umbali unekhona lokusebenzisa amazwi, umfundi azithole esiphende izithombe eziningi ngeso elingaboniyo. Ukufunda okujabulisayo. Kuyishwa ukuthi kunenani lamaphutha ohlelo lolimi ngoba incwadi enhle iyonke.