Review

Reviewed Book:

Reviewed Book:

Review by Pretty Olifant

Umbhali ovelele waseNingizimu Afrika uGcina Mhlophe uxoxa izindaba ngezilimi ezine zaseNingizimu Afrika: isiNgisi, isiBhunu, isiZulu kanye nesiXhosa.

Inkosi yehlathi uBhubesi wayengawenzi umsindo uma ezingela futhi lokho kwakuyinkinga enkulu kuzo zonke ezinye izilwane zasendle. Ibhubesi lalivele lihlasele ngaphandle kwesixwayiso, lingakhiphi msindo ozwakalayo, linyonyobele izilwane, lizitika ngedili lika nsuku zonke. Ngakho zonke izilwane zahlangana ukuze zenze isu.

Izingane zonkana zithanda futhi ziyazithakasela izinganekwane, ikakhulukazi lezi ezidikida imibuzo yokuphila kwansuku zonke. Njengokuthi inkosi yehlathi uBhubesi ingonyama enamandla yathola kanjani ukubhonga kwayo okunesigqi.

Ixoxwa kahle, indaba ethandekayo enamahilidi athile. Imidwebo enekhono, efundeka kakhulu.
Izincwadi ezenza samuntu izilwane zihlale zithandwa izingane. Sifundiswa siphinde siqguqguzelwe ukusebenzisana ngobumbano, ukusungula izinto, ukucabanga okusheshayo, ubuhlakani, ubuholi, ukwethembana konke kushunyekiwe ngaphakathi kwamakhasi ale ncwadi.

Other reviews of this book

No more reviews of this book were found