Review

Reviewed Book:

Reviewed Book:

Review by Nokwethemba Vilakazi

Usuke nini uMpumi kwijazi lemvula elilodwa waze wayofika kwizinkanyezi ezilishumi? Funda incwadi khona nawe uzokwazi.

Usuke nini uMpumi kwijazi lemvula elilodwa waze wayofika kwizinkanyezi ezilishumi? Funda incwadi khona nawe uzokwazi.
Kule ncwadi uMpumi uthathe isinyathelo sokufunda ukubala, esebenzisa izinto ezahlukahlukene kuloluhambo okubalwa kuzo ama-aphula, amabhola, izambulela, njalo njalo.
Le ncwadi Inamasu aamhle asiza izingane zikwazi ukuhlanganisa izibalo ngokusebenzisa izinto ezejwayelekile ezitholakala emhlabeni jikelele, lokhu kuzenza zingagcini nje ukubona izinamba kodwa zikwazi ukubona izinto ezihamba ngambili, nganhlanu njalo njalo.Ukuphindaphinda kwezinombolo kanye nemifanekiso ecacile kwenza kube lula ukufunda nokukhumbula okufundiwe, akugcini lapho kuphinde kube nemifanekiso eveza ukusetshenziswa kweminwe ezibalweni lokhu kukhuthatza abafundi ukuthi balingise ngezandla uma bebala.
Ngemifanekiso emihle nenjabulisayo, le ncwadi ihamba phambili kuhla lokufundisa izibalo abafundi abancane, abazali, nothisha. abafuna ukufundisa ukubala ngendlela ejabulisayo nephumelelayo. Le ncwadi iphinde iphonse inselelo kubafundi ukuba bazihlole ngolwazi abanalo lwezibalo, ibakhuthaza ukuba bazethembe.
Ngiyincoma kakhulu le ncwadi, ilungele abantwana abasanda kuqala ukufunda ukubala. Inendlela elula nehehayo yokwethula izinombolo, ibe isebenzisa izinto ezibonakalayo ekhaya nakwimvelo; kafishane nje kubalulekile ukuba izingane zibe nayo.

Other reviews of this book

No more reviews of this book were found