Review

Reviewed Book:

Reviewed Book:

Review by Jackie Mondi and Sibusisiwe Thembela

Izinyane lobuBhibhi lifunda ngobungozi bempilo yasendle.

Kwavele kwafiphala ilanga libalele ngokunyamalala kwenkanyezi entsha-sha. Ukuphi uNaledi? Indaba elandisa ngomndeni wobubhibhi ophila ogwadule lwaseKalahari, ohlangabezana nobunzima obukhulu lapho izinyane lawo, uNaledi, linyamalala. UNaledi uyizinyane elisanda kuqala ukubona ukuphuma kwelanga lase-Afrika, kodwa libanjwa ngamasela ezilwane zasendle lifakwe ekhejini ngenhloso yokuligcina njengesilwane esifuywayo. Umndeni wakhe uyamfuna kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Indaba ibhalwe kahle futhi ihunyushwe ngendlela ecacile nenembayo. Ishiya umfundi enolukuluku lokwazi ukuthi kuzokwenzekani ngoNaledi. Imifanekiso egqamile yengeza amandla endabeni futhi ivuse imizwa ejulile kumfundi.
Lencwadi ikhuthaza ukuqwashisa ngobungozi bokuzingela izilwane ngokungemthetho futhi ifanele ukusetshenziswa abazali nothisha ekuqwashiseni izingane ngokuvikelwa kwezilwane zasendle. Abathandi bezilwane bazoyijabulela kakhulu.

Other reviews of this book

No more reviews of this book were found