Review
Reviewed Book:
Reviewed Book:
Umbhali walencwadi ungowesifazane wokuqala omnyama eNingizimu Afrika ofundisa ukutshuza emanzini ajulile, futhi ungumsunguli we-Black Mermaid Foundation.
Zonke izilwane kubalulekile ukuthi zibe nekhaya lazo eliphephile. Lokho kudala ukuthi injabulo yazo ibenkulu kakhulu bese ziyakhululeka njengabantu. Ikhaya liyinto enkulu kakhulu yize ehlukene kuleso naleso silwane njenga manzi, ihlathi, indle kanye nehlane.
Iningizimu Afrika iyona exoxa kangcono izilwane. Impilo izameka kahle uma uhlala ekhaya lakho. Ufudu line khaya lalo okuyisigobolondo nomnenke ngokunjalo. Izithombe zisetshenziswe kahle sinokuqonda ukuthi yize kuyihlane kodwa inkawu sibona ihleli phezulu kwelezinyoni, ingwenya ihlala emanzini, ibhubesi lisehlathini.
Muhle umsebenzi uyancomeka isithombe nesithombe sixoxa eyaso indaba. Izimpawu zokuloba zisetshenziswe kahle kakhulu. Imisho ayikho mide, imibala igqamile futhi iyathandeka, nezilwane ezisetshenziswe ziyabonakala kahle.