IPuku Children’s Literature Foundation yakhomba ukushoda kwezincadi zokufunda zabantwana ezithakazelisayo futhi nezinesihehe, ikakhulu ezibhalwe ngezilimi zesiNtu njengesona sici esibucayi esithiba ezemfundo eNingizimu Afrika. UNk Elinor Sisulu, onguSihlalo wePuku Children’s Literature Foundation, ekhuluma mhla kusungulwa umkhosi wezindaba wokuqala wathi: “Ngalo mkhosi sifuna ukubukisa siphinde sigubhe umsebenzi wabaxoxi bezindaba, ababhali kanye nabacikwa ukuze izingane kanye nabazali, othisha, kanye nabanakekeli bazo bezokwazi ukuthi yini etholakala ngezilimi zabo.”
Ekhulumela iNational Arts Festival, u-Ayanda Mjekula wamukele umkhosi wezidaba iPuku Story Festival ethi: “Sizizwa sihloniphekile ukuthi sibe yingxenye yalesi sinyathelo. Besinokukhathazeka sibona izilimi zesiNtu zishaywa indiva, sibona abantwana bethu behluleka ukuzikhuluma. Siye sanquma ukuthi angeke sisaba izethameli sibukela ukufadalala kwezilimi zethu, kungakho sixhasa iPuku. Siyathembaukuthi izifiso zePuku, okubalwa kuzo ukukhanda ukuxhumana phakathi kubakhiqizi, othisha kanye nabantwana kuqhubekela phambili.”
USolwazi Sizwe Mabizela, oyisekela mphathi eNyuvesi yaseRhodes uthe: “Inyuvesi yaseRhodes izimisele ekuxhaseni uhlelo lokusetshenziswa kwezilimi eziningi njengendlela yokuletha inguquko. Ngonyanka ka-2008 iNyuvesi yawina umklomelo, iPanSALB Multingualism Award, ngemizamo eyenziwa enyuvesi, ikakhulu ngomsebenzi we-African Language Studies Section. Kulokhu kubalwa ukuheha ngokwemsebenzi emikhakheni efana neye-Law, Pharmacy, Education kanye neJournalism, kanye nokuqaliswa kwezinyathelo zokuthuthukisa izilimi eziningi ngaphansi kwekomidi lezilimi, iRhodes Language Committee, kanye neNRF SARChI Chair eholwa nguSolwazi Russel Kaschula. Siyathemba ukuthi lezi zinyathelo zokuletha izilimi eziningi zizokwazi ukunikelwa kwezemfundo ngomkhosi wePuku Festival.
Isimenywa esikhethekile sango-2016 kwakungumculi odume kakhuluophinde abe yimbongi, umxoxi wezindaba kanye nothisha, uLatozi Mphahleni, owaziwa ngelikaMadosini. UMadosini uvunyiwe jikelele njengoyena mdlali wesitolotolo, ihadi kanye nemrhube kanti futhi uyigugu njengokubonakaliswe uMnyango wezamaCiko namaSiko ekumnikeni ibizo lokuthi i-Living Legend.
Umqondisi womkhosi, uZiyanda Gysman, wehlulekile ukufihla injabulo ngokubakhona kukaMadosini emkhosini. “Ecelelni kwezihlabani ezinigi zaseMpuma Koloni, okubalwa kuzo ababhali kanye namacikwa avelele afana noDkt Sindiwe Magona kanye noDkt John Kani, uMadosini udume umhlaba wonke kanti futhi usedlale kuwo wonke umhlaba yize umsebenzi wakhe ungakanikezwa indawo oyifanele esifundazweni sakhe sokuzalwa. Intsha eningi ayimazi. Njengoba umkhosi Ipuku Festival inikeze abantwana baseGrahamstown abanjengoSindowe Magona noJohn Kani ithuba lokuvela obala, sifisa ukuletha uMadosini kubathameli babo.”