Funda konke ohlangana nakho. Funa izindali zezincwadi kanye nezencwadi ezingamasekeni, vakashela umtapo wolwazi, thola ama-e-books kwi-inthanethi, bheka izincwadi eziluhlobo lwe-mobi ezindaweni ezifana noMxit – funda, funda, funda.

Joyina noma uqale iqembu lokubhala

I-SA Writerʼs College ihlanganise uhlu lwamaqembu okubhala. Kumahhala ukuwangenela futhi baphana ngethuba lokwabelana ngesipiliyoni uphinde uthole impendulo ngomsebenzi wakho. Uma lingekho iqembu ngakini, yini ungaliqali?

Joyina izinhlangano ezeseka futhi zikhuthaze ababhali kanye nabadwebi ezifana ne:

Bhalisela i-course yokubhala

Ukuthatha i-course yokubhala kungakusiza uthuthukise amakhono akho, kukufundise ukuthi ukwazi ukudayisa umsebenzi wakho noma kukusize ekutholeni abanye abanogqozi kulo mkhakha. Izimali kanye nobude kuyashiyana kodwa zikhona izinkampani kanye nezinhlanagno ezenzisa ama-course kanye nama-class okuthuthukisa ababhali noma abadwebi. Kukhona: