Igundane lekhethelo. Le ndaba imayelana negundane igama lalo nguPeggy. Yenzeka ngezikhathi zasekuseni ngelanga lesikole endleleni eya esikoleni. Usuku lokuqala lokuvulwa kwezikole luhlezi lumatasa, kunjalo phakathi kuka Peggy kanye nomama wakhe.
Umbhali uchaza ukuthi uyigundane elinjani uPeggy. Kunezinto azenzayo ezimenza ukuthi azibone ehlukile. Kumele sifunde sithole uzophumelela. Isiyalo sami kubangani abancane bangazami ukuzenza ncono noma bafise ukuhluka kwabanye kakhulu kodwa bazithande benjalo. Lencwadi ingikhumbuza amazwi ka Dr Seuss “Why fit in when you were born to stand out” ngesiZulu kuchaza ukuthi iba yilokho oyikho, ungafuni ukufana nabanye noma akumele uzishitshe wenzele abantu. Kubalulekile sizikhumbuze izingane zihlale zizethemba.
Imidwebo kaMonde Mraji ayihehi kodwa imibala izothile kakhulu kanti abantwana badinga imibala egqamile. Kuyatshengisa ukuthi yinganekwane, amagundane angabantu anezandla nezinyawo. Okunye umbhali usebenzise isenza samuntu, incwadi ikhombisa amagundane agqoke izingubo. Umdwebi ukwazile ukusihlekisa ngezithombe zabantu bakhona. Nginganxusa izikole, abazali kanye nemitapo yolwazi bathenge lencwadi.
Welcome to Puku’s new website and children’s bookstore. We are excited to introduce a rich selection of children’s books in South African languages, to readers young and old.