Review
Reviewed Book:
Reviewed Book:
Baphi kanti? Bahambe ngamuphi umgwaqo? Intombazanyane encane ikhathele isilala ngaphansi kwesihlahla idukelene nabazali bayo.
Baphi kanti? Bahambe ngamuphi umgwaqo? Intombazanyane encane ikhathele isilala ngaphansi kwesihlahla idukelene nabazali bayo.
Mhhh! Kuzokwenzekani uma iphaphama? Qhubeka mfundi uzibonele ukuthi kuzophelelaphi. Ayibekeki phansi. Iyaheha. Nakuba imfushane nje uzithola uyiphindaphinda.
Hawu nkosi yami yabuhlungu futhi yamnandi le ndaba. Yilandele mfundi ubone ukuthi kuzokwenzekani. Inhliziyo ishaya ngamandla ngenxa yovalo uma uyifunda. Kodwa futhi inikeza nethemba ngoba intombazane iphephile. Ukube bekunguwena ubuzokwenza njani? Phenya amakhasi uzizwele.
Ngiyayitusa kakhulu le ncwadi ukuthi uyifunde noma imfushane nje. Ibhalwe ngolimi oluhle. Nami ngiyifunde kaningi ningi. Iletha ugqozi, imnandi. Yenza umqondo nezigigaba zilandelane ngendlela.