Review
Reviewed Book:
Reviewed Book:
Isiphiwo esingajwayelekile samandla. Leli iqoqo lezincwadi ezintathu zika Kwezi elibhalwe Loyiso Mkize. Indaba ingo Kwezi ongumfana onamandla kakhulu.
Konke lokhu kwenzeka endaweni yase Gold City, lapho kuhlanganyela abantu abahlukene. Lencwadi isibikela ukuthi kunabantu abahlukile, abanye banamandla wokundiza emoyeni. Sonke siyazi ukuthi akekho nje umuntu okwazi ukundiza. Singasho ukuthi basebenzisa ubuchwepheshe balokho. Umbhali usivezele izithombe ezahlukene nalapho sibona khona ukuthi uma abantu bekhuluma inkulumo iyavela kwa bubbles. Umbhali usebenzise indlela yokubhala engajwayelekile kodwa izingane zizokujabulela lokho ikakhulukazi zabafana. Impumelelo yombhali ukwazile ukwenza imidwebo yakhe ibonakale kahle. Into umbhali ayenze ngendlela okungeyiyo ukuthi abhale ngamagama amancane. Abantu abafaka izibuka ngeke abanye babo bakwazi ukubona kahle imibhalo elotshiwe kulencwadi. Siyalibongela ithimba likaKwezi ngomsebenzi omuhle ongajweyelekile obizwa ngama comic.