Review

Reviewed Book:

Reviewed Book:

Review by Nonhlanlha

Ubuhle bemvelo buyamangaza. Lendaba imayelana nomfana ogama lakhe lingu Luba nomndeni wakhe. Indaba yenzeka eGoli endaweni yase zoo singasho sithi impelasonto noma isikhathi samaholide. Ingabe uyayazi indawo lapho ekugcinywa khona izilwane ibizwa ngokuthiwani? Lendaba ikwazi ukulekelela ukuthi ubone izilwane ezihlukahlukene ndawonye. Umbhali ukwazile ukubhala okulingene isigaba sesibili ngokwamagama. Amagama kanye nemidwebo kuyahambisana okutshengisa ukubambisana phakathi kombhali nomdwebi. Eminye yemidwebo iyahlekisa njengemvubu imibala yakhona. Ngiyaqala ukubona imvubu. Singasho sithi uhlulekile ukuqondanisa umbala. Umdwebi wenze izilwane ezinye zaba nobuso ongathi abantu abamamathekayo. Izingane zizoyijabulela kakhulu lendaba ikakhulu izithombe ezihlekisayo. Umdwebi usithathe wasibeka e-zoo ngezithombe namabhodi anezixwayiso ezibonakalayo. Lencwadi ayidlile ngamagama amaningi kodwa ixoxa kakhulu ngezithombe. Lokhu kwenza kube lula kumzali ukuthi amfundele kahle umntwana.

Other reviews of this book

No more reviews of this book were found