Review

Reviewed Book:

Reviewed Book:

Review by Nokhubanga Sikhale

Umbhali wencwadi ukwazile ukusidlulisela umyalezo afuna ukusidlulisela wona, kanti futhi, uyazwakala. Imbila ifuna umsila njengoba kwenza ezinye izilwane. Njengoba lezi zilwane zidlula zibheke enkosini ukuze zithole imsila yazo, imbila icela ngasinye ukuthi asimphathele. Ibona ukuthi akusizi ukuthi ihambe iyoma emgqeni ekubeni ezinye izilwane zingamenzela njalo. Njengoba kuvela inkosi, yenza ngokwezifiso zezilwane, ayikwazi ukwabela umsila ngaphandle kokubona umnikazi. Ekugcineni imbila ayizange yawuthola umsila.
Isifundo esisitholayo kulendaba ukuthi uma ufuna okuthile kwenziwe ngendlela efanele,kufanele ukwenze ngokwakho ungathumeli omunye umuntu, futhi injabulo ivela ebunyeni bomuntu. IMbila yayivilapha kakhulu yona yazi ukuthi uma iqeda ukudla kumele ilale. Uma ungumuntu kumele uzisukumele wena ungavilaphi.
Isakhiwo sencwadi yakheke kahle kakhulu. Umbala wayo uyaheha uyathandeka. Kunamaphutha kumthetho ophethe ukukhulunywa kolimi, bekufanele kuthi obuyekeza incwadi awabone onke lamaphutha ngaphambi kokuba ishicilelwe.

Other reviews of this book

No more reviews of this book were found