Review

Reviewed Book:

Reviewed Book:

Review by Mpumie Njobe

Kanti osopolitiki baseSoweto babephila impilo enzima kanje? Babeboshelwa emakhaya bangavunyelwa ukuthi baphumele ngaphandle.

Kanti osopolitiki baseSoweto babephila impilo enzima kanje? Babeboshelwa emakhaya bangavunyelwa ukuthi baphumele ngaphandle. Nango-ke umbhali esebabona ngamehlo engqondo sebehlangana bezenzela ubumnandi.
Le ncwadi isibeka esimweni sokuthi noma ngabe ukuphi usengazenzela ubumnandi ukhohlwe yisimo okusona. Siyababona ngenxa yesizungu ukuthi abantu babegcina benezindlela zokubonana. Kuphi, kanjani, ngobani, uzozizwela nawe.
Ayikwazi le ncwadi ukungakuniki isithombe esijulile ngomuntu ozihlalele yedwana ofisa inkululeko kodwa kungacaci ukuthi uyoze ayithole yini. Senze njani? Nangu umbuzo obusa wonke umuntu. Nakuba kunjalo asizenzeleni ubumnandi bethu singalindi ukuthi koze kufike umkhululi. Nabo-ke abalingisi abangosaziwayo eSoweto sebehlangana ebumnandini.

Abasagqokile kahle! Abasazithandi! Phela ngaleso sikhathi indwangu yayidliwa nawe uyazibonela ngemidwebo efakazayo. Babebonakala bethokozile nanoma isimo senhlalo sasingesihle. Indlela ababenza ngayo izinto yayenza ukuthi bangaphelelwa yithemba.
Bathandi bokufunda yifundeni le ncwadi izonifundisa isimo senhlalo yakudala ngesikhathi sobandlululo. Waqala ukuyivula nje ngeke usakwazi ukuyibeka phansi. Yenza umfundi azibuze ukuthi yini ezolandela. Yenza inhliziyo igxume, oyifundayo ahleke yedwa futhi alindele ngokwesaba nokujabula ngesikhathi esisodwa. Kanti nokuhlukumezeka kukhona ngaphakathi.

Other reviews of this book

No more reviews of this book were found