Review

Reviewed Book:

Reviewed Book:

Review by Pretty Olifant

Lena incwadi ebalulekile enezimfundiso ezinhle futhi ezakhayo. Ibhekana nesihloko esinzima sobuhlanga nobudlelwano bezinhlanga ezihlukene nezinselelo zakho. Lokhu kudikidwa ngothando, ukunakekelwa kanye nokuqonda okuphusile.

Indaba eyabangani abakhulu ababili abasebancane. Njengazo zonke izingane bachitha usuku ndawonye behleka bedlala imidlalo yobumngani. Lapho bebhekene nezinselele ezisongela ukudala uqhekeko phakathi kwabo bobabili, bakhetha ukuma baqine eqinisweni labo futhi baphonsele inselelo isimo esikhona ngobunye babo.

Lombhalo ufundisa ukubekezelelana nokuqonda, njengendlela yokumelana ngokuphelele. Lencwadi iphinde ikhuthaze ukudlala ngemicabango okuyindlela enhle yokuthuthukisa ubuhlakani nobuchule. Izinhlobo zezifundo kulencwadi ziphefumula umoya omusha kulomphakathi wesimanje oqhutshwa ubuchwepheshe.

Lencwadi inemifanekiso enobuchule, encike kwisithombe uqobo, enokunaka okumangalisayo emininingwaneni. Lencwadi ihlola izindlela ezihlukene zendabuko zokudlala namandla abangani obuqinile, obunganqamuki. Njengakudala kusetshenziswa imvelo enhle kanye nemicabango ukudlala. Isifundo esimqoka sobungobungane beqiniso nokwethembeka.

Umlayezo ocacile omelene nokucwasa ngokwebala. Ikhuthaza izingane ukuba zingagcini nje ngokugxeka kodwa futhi zimelane nokungabi nabulungisa. Ngaphezu kwalokho, kuyindaba ebumbayo mayelana nokwamukelwa nokukwazi ukuphila ngokuvumelana nabo bonke, kuhlanganise nalabo abahlukile kuwe.

Other reviews of this book

No more reviews of this book were found