“Ave ngifisa ukuba mdala ngokushesha.” Kusho umfana omncane ofuna ukukhula ngokushesha, ukhuluma esekhaya kubo. Uma ekhula uzokwazi ukuba wusizo. Uzolekelela ngemisebenzi yasekhaya asize nomphakathi. Akekho ozohlupheka uma esemdala, uzovikela abantu.
Inengqikithi yokulangazelela ukukhula ngamandla, nokuba wusizo. Yincwadi emnandi kakhulu, ngiyithande ngokuphelele. Kungenzeka ngibuye ngiyifunde. Imifanekiso iyimibala emihle egqamile nexutshwe kahle. Akungabazeki ukuthi izoba yiwozawoza ezinganeni ezincane, zifise ukuyifunda.
Okufisa yilo mntwana, kokungakhuli ngomzimba kuphela kodwa nokukhula ngezenzo kuyinto ebaluleke kakhulu.
Incwadi ibhalwe ngolimi olulula nangemisho emifushanyana. Umbhali usebenzise amagama amahle ahambisana nalokhu okuxoxwayo. Umfana ngokukhula uzithola esekwazi ukwenza izinto ezahlukahlukene abengakwazi ukuzenza engakakhulu. Nginxusa abazali, othisha nabemitapo yezincwadi ukuba bayithenge le ncwadi.
Welcome to Puku’s new website and children’s bookstore. We are excited to introduce a rich selection of children’s books in South African languages, to readers young and old.