Kusazokhanya namanje futhi. Lendaba imayelana noSithembile noThemba abashonelwa ngumama wabo. Indaba yenzeka endaweni yasemakhaya sibona ngezindlu zangakhona nemfuyo yezinkomo. Sibona indaba isuka ekhaya iye ngaphandle njengas’emthuneni nasesikoleni.
Lendaba isuselwa ezintweni eziyiqiniso ngoba konke akhuluma ngakho kwiyinto esihlangabezana nakho ezimpilweni zethu. Ngithanda ukubongela ababhali njengoba beyiqoqo ngokubhala ngalesihloko esibalulekile kangaka. Lencwadi ukubeka iyakucacisa konke mayelana nokushona. Izincwadi ziba nesigaba zaso, kodwa lena ngendlela enolwazi ngayo ungasho ukuthi ilungele wonke umuntu, ngiyasithanda isistayela salababhali . Ekugcineni basifakelwe indlela engasisiza mengabe kukhona izingane ezishonelwe ngabantu ababathandayo ukuthi singabanceda kanjani. Awamaningi amakhasi kulencwadi amashumi amane. Umdweni ulidwebe kahle ingaphandle lencwadi. Usebenzise kahle imibala yakhe. Makufanele uzothe imibala nayo ibanjalo, sibonelo njengoba besemathuneni imibala yakhe izothile. Iyabukeka imidwebo yakhe ngisho abantu bayabukeka. Lencwadi kumele ithengwe. Lencwadi kumele ithengwe ngokubaluleka kolwazi olungaphakathi kuyo. Lencwadi kumele ithengwe abazali, othisha , nemtapo yolwazi.
Welcome to Puku’s new website and children’s bookstore. We are excited to introduce a rich selection of children’s books in South African languages, to readers young and old.