Review

Qhawe! Umokgadi Caster Semenya

Review by ABEDNEGO MANDLENKOSI MAPHUMULO

“Uma ufuna ukuba yintombazane egijima ukuwadlula wonke emhlabeni kumele ugxile kulokho okwenzayo. Kumele uzilolonge zonke izinsuku.” UCaster Semenya, ufuna ukuba umgijimi ovelele, emhlabeni wonke

“Uma ufuna ukuba yintombazane egijima ukuwadlula wonke emhlabeni kumele ugxile kulokho okwenzayo. Kumele uzilolonge zonke izinsuku.” UCaster Semenya, ufuna ukuba umgijimi ovelele, emhlabeni wonke. Ngenkathi ephupha ewumgijimi ovelele esekhaya, esesikoleni, esesontweni, ezilolonga nomqeqeshi ngisho eseyogijima nabasubathi bomhlaba. Uzigqugquzela ngeculo, ukuhlala ejabule futhi ekhululekile, nephupho lokuba intombazane egijima ukuwedlula wonke emhlabeni. Yingoba uyakuthanda ukugijima futhi kusegazini kuye.

Ingqikithi yendaba ukugijima. Umbhali usebenzise ukuphindaphinda iculo likaCaster ukuveza ukujabula nokukhululeka kwakhe. Ukuphindaphindwa kwephupho lakhe lokugijima kwenyuswa nawukugqugquzelwa akuthola kubazali, ugogo, umqeqeshi nomsubathi uMaria Mutola waseMozambique obukela kuye, ongowesifane ogijima ukubedlula bonke. Umbhali kule ncwadi uchaza impilo kaCaster nempumelelo yakhe. Imifanekiso mihle igqamile iyahambelana nendaba exoxwayo, futhi iwukumeleleka okuhle kwengane yom-Afrika. Incwadi igqamukisa inhlansi yokufisa ukwazi kabanzi ngaleli qhawekazi eliwuCaster. Ngiyafisa ukubuye ngiyifunde.
Noma yini ingenzeka empilweni uma unesibindi futhi uqhamuka namasu ahlakaniphile.

Ulimi nolwazimagama olusetshenziswe umbhali luhle kakhulu. Bengingafisa kulungiswe isihloko sencwadi sithi Qhawekazi! Ngigqugquzela ukuba abazali, othisha nabemitapo bathengele izingane le ncwadi.

Other reviews of this book

No more reviews of this book were found

Dear readers.

Welcome to Puku’s new website and children’s bookstore. We are excited to introduce a rich selection of children’s books in South African languages, to readers young and old.