Review

Reiewed Book: igama lami ELIKHULU

Reiewed Book: igama lami ELIKHULU

igama lami ELIKHULU

Review by Pretty Olifant

Igama linamandla amakhulu. Isifundo esihle mayelana nokuzikhulumele nokuzimela. Amagama abalulekile futhi kufanele kube umnikazi onqume ukuthi ubizwa ngobani futhi athulwe kanjani. Akukona lokho abakubiza ngakho kepha yilokho okusabalelayo okubalulekile.
Lendaba ilandela intombazanyana ejabule futhi emagange ebizwa ngokuthi uIsenguye Owakhe Sinxoto, okuyisonto lakhe lokuqala engena isikole. uThisha omusha wasesikoleni uyahluleka ukulibiza igama lakhe ngokuphelele manje ufuna ukulinqamulela.
Kulendaba izinwele zika Isenguye zilungiselelwa ubaba wakhe ngalolo suku ekuseni. Izindaba eziqeda izinkolelo ezicindezelayo zobulili kanye nemicabango ebanga uqhekeko emphakathi zamukelekile ngendlela eyisimanga. Lombhalo uzosiza izingane ukuthi zizethemba futhi ziwathande ziphinde ziziqhenya ngama gama azo.
Imifanekiso iyamangalisa,inamandla amakhulu futhi iyakha. Igqamisa incazelo kanye nenhloso egameni. Kungasebenza njengesikhumbuzo sezibusiso kanye nezipho esafumbathiswa zona thina banikazi. Amagama ahlotshaniswa eduze nenjongo kanye nobuwena uqobo.
Ibhalwe ngomuntu wokuqala nomuntu wesibili. Idinga ukungaguquguquki.

Other reviews of this book

No more reviews of this book were found

Dear readers.

Welcome to Puku’s new website and children’s bookstore. We are excited to introduce a rich selection of children’s books in South African languages, to readers young and old.