Review
Reviewed Book:
Reviewed Book:
Akukho konke okubukeka kucwebezela emehlweni okuyigolide. Lendaba imayelana namakhosi amabili ayekhohlakele ngezindlela ezahlukene ayebusa ngazo isizwe.
Akukho konke okubukeka kucwebezela emehlweni okuyigolide. Lendaba imayelana namakhosi amabili ayekhohlakele ngezindlela ezahlukene ayebusa ngazo isizwe. Imithetho ayeyishaya yayinokukhohlakala futhi ihlukumeza abantu besizwe. Kwaba noqhekeko phakathi kwesizwe ngendlela eyayibusa ngayo inkosi.Kwaba njengabantwana bakwa lsrael abafika eKanana bafisa ukubuyela eGibhithe Lendaba yenzeka endaweni yasemakhaya lokhu kufakazelwa imidwebo yezindlu,imfuyo nanokuthi kusabusa amakhosi. Kwaqala ukushintsha izinto ngelanga lokubekwa kwenkosi entsha, ngemuva kokukhothama kwenkosi endala. Inkosi entsha yafika nemithetho eminingi eyayenza ukuthi ukuphila kube sengathi kuzoba mnandi kanti kuzobalethela izinkinga ezinkulu kakhulu. Indaba mayiqhubeka sithola ukuthi imiphi leyo mithetho nokuthi kwaba imiphi ephumelelayo. Mina ngiyanxusa ukuthi abazali bathengele abantwana lencwadi khona bezokwazi ukuthatha izinqumo ezakhayo baphinde babone nezizobhidliza isizwe njengabaholi bakusasa. Isifundo esisitholayo ukuthi akumele abantu sibenzele zonke izinto ngoba lokho kungagcina sebeba ngamavila futhi bengakwazi ukusebenza. Esinye sesifundo ukuthi umholi akumele abuse ngoku gombela kwesakhe. Umbhali usididile indlela abhale ngayo isihloko kodwa uma usufunda uyathola ukuthi ubeqondeni. Siyamhalalisela ngokusenza silangazelele ukufunda ezinye zezinganekwane ezilandelayo.