Review

Reviewed Book:

Reviewed Book:

Review by Nokwethemba Vilakazi

Amandla Adlula aweBhubesi -incwadi ekhuluma ngokuhlukumezeka nokuphila ngokwesaba kwezilwane ehlathini, ngenxa yesiqhwaga sebhubesi elinonya elidla kwasani. Ezinye izilwane zibiza umhlangano ngasese ukuze ziqhamuke nesisombululo, kepha alikho icebo elibonakala lizosebenza; uma igundane elincanyana lisho icebo elinalo zonke izilwane zilishay’indiva.
Igundane likhetha ukubhekana nebhusi lilodwa ngoba zonke ezinye izilwane zinovalo, futhi azilithembi icebo lalo ukuthi lizosebenza. Ibhubesi ngokuzazi ukuthi liyesatshwa aliyibonanga ingozi eza negundane. Liphaphame emva kwesikhathi, kungasekho ukubuyela emuva. Le ncwadi ikhuthaza abantwana ukuthi bangazibukeli phansi, bazethembe futhi basebenze kanzima ukuzivikela kanye nalabo abangenawo amandla. Ibhalwe kahle ngobuhlakani, igcizelela ukubaluleka kokucabanga nokusebenzisa amaqhinga angajwayelekile. Iveza ukuthi noma ungamncane kangakanani, ayikho into eyokwehlula uma uzethemba futhi usebenzisa umqondo wakho.

Other reviews of this book

No more reviews of this book were found