Review
Reviewed Book:
Reviewed Book:
Ungajwayelani nomngane oyingozi, ongathandwa ngabantu. Indaba ikhuluma ngoMvubu, owayekhononda ngokungavakashelwa umngane wakhe uMlilo, endaweni ahlala kuyo.
Ungajwayelani nomngane oyingozi, ongathandwa ngabantu. Indaba ikhuluma ngoMvubu, owayekhononda ngokungavakashelwa umngane wakhe uMlilo, endaweni ahlala kuyo. UMlilo uvakashela uMvubu ekuseni ngeSonto. Lapho ahamba khona uMlilo kusha yonke into, nendlu kaMvubu, Ubalekela emanzini sekushe uboya bakhe
Ungadlali ngomlilo ngoba ubulala yonke into. Lena inganekozilwane echaza ukuthi kungani imvubu injena futhi ihlala emanzini. Iyincwadi enhle kakhulu engingayincoma. Imifanekiso yayo mihle futhi igqamile. Abalingiswa bayo uMvubu noMlilo bayafanelana nendaba exoxwayo eveza iqhaza labo endabeni. UMvubu uzithola esesimeni esingathandeki ngenxa yomngane wakhe uMlilo ongalungile.
Izingane ziyaxwayiswa ukuthi zingadlaleli emlilweni ngoba ushisa uqothule yonke into.
Umbhali incwadi uyibhale ngolimi olumnandi olulula, olulungele izingane zeminyaka esekuqaleni yemfundo eyisisekelo. Kuyalandeleka konke incwadi ekushoyo. Ngingaphinda ngiyifunde uma ngingathola elinye ithuba. Abazali bayanxuswa ukuba batholele izingane eziqalayo le ncwadi.