Review
Reviewed Book:
Reviewed Book:
Ukukhubazeka ngokomzimba akusho umqondo awusebenzi. Lendaba imayelana nentombazane ogama lingu Citronella, umndeni wakhe nabantu basendaweni yangakubo. Indaba yenzeka endaweni yase Mauritius. Abazali bebefuna usizo ezindaweni ezahlukene. Funda uthole ukuthi ingabe iziphi lezozindawo. Kubalulekile ukufunda ngoba uthola izindlela ezahlukile zokuhlukumezeka nokuthi umuntu usizakala kanjani. Kunezimo obona kahle bezingagwemeka ukuba bebazile isimo ababhekene naso njengokubheka ezinyangeni. Ngibona ukubaluleka kothando nokubambisana komndeni nomphakathi ukuxazulula isimo sikaCitronella.
Siyambongela umbhali ukuthi asifundise ngesimo sokukhubazeka ikakhulu ezinganeni. Lokhu kufundisa abantwana ukuthi kumele baphathane kanjani kungaba sekhaya noma esikoleni. Lencwadi ibalulekile kuwo wonke amazinga ngoba ifundisa ukuthi sikwazi ukuphilisana nabantu abaphila nokukhubazeka. Ingabe yena ekugcineni uCitronella uyalithola yini usizo ekutholeni indlela yokuphila nokukhubazeka kwakhe? UDaniellle Hittie ongumdwebi usebenzise imibala emihle kakhulu, izingane ziyayithanda kakhulu lemibala ekhangayo.
Lendaba inezifundo ezibalulekile kakhulu lokho kubonakala ngesithembiso sikadokotela nesenyanga esingafezekanga.