Review
Reviewed Book:
Reviewed Book:
“Sawubona. Ngikhuluma nawe”. Mhhh! Ingabe kwenzenjani engaphenduli uma ngikhuluma naye, kumangala uMpumi. Baqala kanjalo-ke ubungane phakathi kukaMpumi noJabu. UJabu uyisiThuli kodwa uthanda abantu. UMpumi unemilingo ezinweleni futhi uyathanda ukwabelana ngayo. Esayinamathele incwadi umfundi efisa ukubona ukuthi kuzoqhubekani, veliyani umama kaJabu owachazela uMpumi ukuthi bona bakhuluma ngezandla. Akabange esayibeka phansi incwadi umfundi wayinamathela efuna ukubona ukuthi ubuhlobo buzohamba bufikephi.
Ngiyakukhuthaza ukuthi uyifunde le ncwadi uzozwa kahle ukuthi lobu buhlobo baphelelaphi. Woza nendaba mina ngizoza nendlebe, yilokho umfundi akushoyo. Yamthatha le ncwadi yambeka kwelinye izinga lapho azibona engasakwazi ukuyibeka phansi njengoba ilokho imheha ngezehlakalo kanye nezifundo ezinhle.
Le ndaba imnandi kakhulu ibonisa ukuthi ukungafani kwabantu akwenzi kube lukhuni ukwenza ubuhlobo. Okusempeleni ukwehluka kwenza intshisekelo yokwazana. Yifunde izokuhlaba umxhwele. Ngiyayitusa kakhulu. Inesifundo esihamba phambili.