Review
Reviewed Book:
Reviewed Book:
Inyoni ingixoxela indaba. Umuntu uchaza ukuthi imvelo naye bahlobene, emhlabeni oxhumene nakho. Ngenkathi umuntu engaphansi kwesihlahla, ufikelwe yimicabango nemibono elele.
Umhlaba ungunina wayo yonke imvelo. Lena incwadi yalabo abaqala ukufunda ulimi, banoma yimiphi iminyaka. Incwadi yentula isakhiwo esihle. Isihloko nezinye izingxenye zayo incwadi akuwenzi kahle umqondo kumbuyekezi. Imifanekiso, ikakhulukazi umxoxi ongumuntu akanakho ukumeleleka kahle kwengane yom-Afrika. Umhumushi noma eshaya khona kwezinye izingxenye, kukhona lapho abengahumusha khona kangcono. Umhlaba ubengawubiza ngendilinga kunokuthi ibhola. Kukhona nokunye okusale kuyisiNgisi okungahumushekile.
Abantu kufanele ukuba bonge futhi banakekele umhlaba nemvelo ukuze nakho kube nokubanakekela. Lokhu kuwuhlelonhlaliswano yokuphilayo nokungaphili.
Umbhali usebenzise ulimi olulula olunemisho emifushane. Nokho kukhona lapho abebhala khona isiZulu esingamukelekile njengokuthi amavemvane esikhundleni sezimvemvane. Ngibe nesikhathi esinzima ukuqeda le ncwadi. Noma kunjalo, ngiyithandile. Ngincoma ukuba abazali bayithenge.