Review

Reviewed Book:

Reviewed Book:

Review by Nonhlanhla

Ingabe unawo Imizwa yokuhogela? Lencwadi imayelana nentombazane kanye nemizwa eyehlukile yayo lendaba yenzeka ngaphandle.Lencwadi singasho ukuthi iyafundisa ngemizwa ayehlukene. Isibonelo imizwa yokuhogela sisebenzisa amakhala kanjalo nokusebenza kwezitho zozimba njengokubona ngamehlo nokulalela ngezindlebe. Lencwadi
ngingasho ukuthi ayisixoxeli indaba engekho noma akuyona eyendatshana kepha iyasifundisa ngemizwa eyahlukene. Izinto ezishiwo kulencwadi zonke ziyiqiniso singasho ukuthi kwenziwe ucwaningo kabanzi noma singasho ukuthi isinika ulwazi.

uThisha nabafundi noma umzali kanye nengane bangaphumela ngaphandle ukufundisa ngemizwa eyahlukene nokukhomba izibonelo, ukuhogela no nokuthinta. Lencwadi singayithatha njengo mlekeleli kathisha kanye nabazali. Isifundo singaba umdlalo uthisha ame phakathi nendawo abuze abantwana imibuzo ngezinto abazihogelayo aphinde abathintise ngesandla ukuzwa ukuthi ingabe iqinile yini noma ithambile. Lena kungaba indlela enhle yokufunda sakudlala ebantwaneni.

Other reviews of this book

No more reviews of this book were found