Review
Reviewed Book:
Reviewed Book:
Noma ungaba nebala elinsundu nezinwele ezisongene, kodwa usewumndeni.
Umndeni oyingqophamlando ngombala, izinwele nobudlelwane obuhle!
Kulo mndeni bonke bayizinhlobo ezingafani. Abanye banezinwele ezisongene abanye banezinwele ezelulekile. Konke lokho kungenxa yofuzo. Lo mndeni uyisizukulwane samaKhaladi ase-Eldorado Park. Kanti umama naye unezinwele ezehlukile ezelulekile. Umfana yena unezinwele ezimfishane ezisongene kakhulu. Abanye bamhlophe abanye bansundu. Kanti ukhokho wezingane yena wavela eSt Helena Bay, phesheya kolwandle i-Atlantic. Kanti futhi wayengumKhriyoli. Wahamba waze wafika eKapa. Indodakazi eyodwa yakulo mndeni yayinezinwele ezifana nezalo mkhulu. Ukhokho walaba bantwana wavela eKhrowathiya. Abantu bendawo babe nemibuzo eminingi, kodwa babeyithola incazelo. Umama wakulo mndeni wayevela kumaKhoi Khoi bebuya kumaHiligwa okwakuwuhlobo lokuqala lwabantu. Bonke kulo mndeni babenamehlo ahlukene, awabanye ayeluhlaza.
Le ndaba ibhaleke kahle nolimi lwayo lulula. Imifanekiso imibalabala, iyakhanga, ikhombisa ngokucacile umehluko phakathi kwamalungu omndeni. Iyayithuthukisa incwadi yenza izingane zizibona kule ndaba futhi zizizwe zemukelekile.
Le incwadi ifanele ukufundwa yizingane zasenkulisa nezamabanga aphansi asuka ku- 2–6. Ingafundelwa ekhaya noma esikoleni ukuze kuqhutshwe izingxoxo ngemindeni, ubuntu, nokwehlukana okujabulisayo.