Review

Reviewed Book:

Reviewed Book:

Review by Dr. Sizeni Makhathini

Incwadi igcizelela ukudla ngendlela enempilo

Incwadi Ibhalwe ngenhloso yokuqwashisa nokufundisa ngezinhlobo zokudla kanye nokuthi uhlobo oluthile lulungele ukudliwa uma kuyisikhathi sini noma sinjani isimo sezulu. Lencwadi ikhuluma ngetobazanyana egama layo linguMpumi. Lentombazanyana uma kusekuseni inohlobo oluthile lokudla ekudlayo, nangesikhathi sesidlo sasemini kube nohlobo oluthile futhi oluhambelana nalesosikhathi kanjalo noma sekulalwa abe nohlobo oluthile lokudla. UMpumi uma ilanga lishisa kakhulu unokudla akudlalo okumsiza ukuzipholisa elangeni elishisa kakhulu, kanti noma kubandla futhi kukhona ukudla okumenza afudumale uma ekudlile. Futhi uma kuwusuku lwakhe lokuzalwa kunokudla okuyikhethelo kuyena akudlayo. Lencwadi iqukethe izinhlobonhlobo zokudla ezahlukene abantwana abangathanda ukufunda ngakho kanye nokuthola ukuthi kufanele ukudliwa uma isimo sezulu sinjani noma kuyisikhathi sini sosuku. Ngikuthokozele kakulu ukufunda lencwadi ngafunda nangezinhlobonhlobo zokudla. Imifanekiso equkethwe yilencwadi yenza kube lula ukuthi umntwana akwazi ukubona uhlobo lokudla noma kusezindaweni zokudayisa. Phuthuma utholele abantwana lencwadi.

Other reviews of this book

No more reviews of this book were found