Angibonge kumbhali wale ncwadi. Ukwazile ukusebenzisa imidwebo kanye nemibala ngendlela. Ikhona nje ukuthi, kumele ecacise ekhasini leshuminesihlanu la akhuluma khona ngamageja(amakhuba.) Umuntu obuka lesi sithombe asikhombisi ukuthi indawo yokubeka amakhuba ngathi wakha izindlu. Ikhasi nekhasi linemihlobiso okuhlobiswe ngayo. Ekhasini leshuminantathu umama uyawasha umfana uyaneka, kunama bhulashi lokho kusho ukuthi umfana uyasiza ekhaya.
IsiZulu sithi: “Umthente uhlaba usamila.” Umama uyazincokolela nomfana futhi kunamaswidi. Izinja kanye nabafana bayazwana kuyasho ukuthi kwabona babheke ikhaya. Ekugcineni siyabona umfana udonsa ubhuti wakhe, njengoba kade elokhu ethi ufuna ukukhula, sekwenzekile. Empilweni uma ufuna ukuba utho, kumele ufunde ukulinda. Umfana nangu usengu mmeli usezosiza isizwe, ikhaya lakhe kanye nomphakathi. Le ncwadi ifundisa nokuthi kumele uzazi ukuthi ufuna ukuba yini empilweni uma usukhulile. Iyafundeka yona, noma ibuye isidide kancane la, ngiyabona ukuthi ubelethe ubhuti omncane, lapho uthi”uma ngikhula”kwangathi ukhulumela lo mntwana. Uyilandelile indlela yokubhala kahle ngokufaka izimpawu zokuloba. Iyahlekisa kumuntu oyifundayo akadinywa iyona. Kakhulukaza uma esebuza ukuthi ukhula nini.
Welcome to Puku’s new website and children’s bookstore. We are excited to introduce a rich selection of children’s books in South African languages, to readers young and old.