Review

Reiewed Book: Igobolondo elilahlekile

Reiewed Book: Igobolondo elilahlekile

Igobolondo elilahlekile

Review by Sandile Ngidi

Lendaba ebhalwe ngokususelwa ezinganekwaneni zaseIvory Coast iqala kamnandi ngokuthula umlingiswa omqoka ogama lakhe nguTutu.

Lendaba ebhalwe ngokususelwa ezinganekwaneni zaseIvory Coast iqala kamnandi ngokuthula umlingiswa omqoka ogama lakhe nguTutu. Hhayi mfundi! Yize leligama lifana nelikaMbhishobhi Omkhulu odume ngokulwelwa inkululeko nokuthula eMzansi Afrika nasemhlabeni jikelele, uMhlekazi Archbishop Emeritus Desmond Mpilo Tutu, lendaba ayimthinti neze lomholi.
Lapha sithola indaba emnandi, futhi exoxwa ngobukhulu ubuciko lobu, ngumbhali kanye nomdwebi mifanekiso. Zisuka nje lencwadi isethulela uTutu, okuyigama lofudu olunogazi kakhulu emphakathini wezilwane futhi elinegobolondo-ndlu eemibala emihle negqame njengemibala yothingo lwenkosazana.
Lenganekwane isitshela ngesimanga esehlela lolufudu lodumo mhlasimbe lulahlekelwa yigobolondo-ndlu lwalo nkathimbe lulukhumulile lwalubeka phansi ukuze nalo lushaye idadamu emfuleni kube mnandi kube njeyaya, kulo nabangane balo bakozilwane. Phela noma lalilihle libabazeka igobolondo-ndlu lukaTutu ufudu lodumo, lwalwesinda uma esenqgabashiya ezijabulisa nabangane bakhe.
Kuthe nje bonke abangane bofudu sebehambile baphindela emakhaya abo ahlukene, uTutu usethuka kuthi akawe hansi lapho efika lingasekho igobolondo-ndlu lakhe. Mamoshane! Yimihlola yini lena! Awu, alushiwo nokushiwo ukuthi lesisehlo saba buhlungu ofudwini, lwaze lwakhala izinyembezi imbala, lingazi lehlelwa yini.
Ukukhala kukaTutu kwaletha usizi olukhulu ezilwaneni ezazimazi emuhle futhi emamatheka ehamba enqabashiya enomusa kuzozonke izilwane. Makhathaleni abangane bakhe abaningana abafana noSikhova, uJuba noDada nabanye bazama ukusiza uTutu. Bheka nje, ngamunye ngamunye kulezizilwane kwaba nemizamo yokufuna igobolondo-ndlu lukaTutu. Kwaqala uSikhova, owaze washiya uTutu ngehlamvu elikhulu ukuze ufudu lungagodoli. Yize uSikhova azikhandla ubusuku bonke, ekugcineni wabuye elambatha, engalitholanga igobolondo-ndlu lofudu. Nabanye abangane abangane bakaTutu bazama ngokukhulu ukuzinikela nokukhathazeka, ngenhloso yokusiza umngane wabo. OkuwuJuba khona kwathi noma kubona izinkawu zehla zenyuka ziphosa legobolondo-ndlu kaTutu emagatsheni ezihlahla, lutho naye ukulithola ngenkathi esezama ukulihlwitha kulezigangi zezinkawu.
Hhayi-ke, okuningi sekumele uzitholele wena mfundi. Ikakhulu ngoba uzofunda okuningi ngobungane obuqotho obunobuntu kanjalo nokuziphatha kahle njengelunga lomphakathi.
Uma sengiphetha ukubuyekeza lencwadi, ngithanda ukuncoma umbhali uAssamala Amoi nomdwebimifanekiso uBenjamin Kouadio Kouakou ngokwethula incwadi enohlonze nobuciko obugculisayo. Umhumushi wesiZulu u S.L. Nxumalo wenze umsebenzi omuhle kakhulu. Bheka nje, noma lendaba iqale ibhalwe ngesiFulentshi, nasesiZulwini iyezwakala futhi ikwazi ukwakha isithombe sigqame ngokusobala nakumfundi wesiZulu.
I

Other reviews of this book

No more reviews of this book were found

Dear readers.

Welcome to Puku’s new website and children’s bookstore. We are excited to introduce a rich selection of children’s books in South African languages, to readers young and old.