Review

Ulouba, umdlali webhola omncane

Review by Mpumie Njobe

ULouba uhlala eDoumpa, eN’Djamena, lapho impilo ingelula khona ngaso sonke isikhathi. Kodwa uLouba unabangane bakhe, uthando lwebhola kanye nephupho lakhe.

Ngihlale ngifisa njalo ukuba nebhola okungelami. Leli yiphupho elingasuki emqondweni womfana othanda ibhola lezinyawo. Uma ufunda le ncwadi uba nomdlandla. Ifundeka kahle kakhulu yenza umuntu ahalele ukwazi ukuthi kuzokwenzekani lapho eqhubeka nokuyifunda. Kuzokwenzekani kulo mfana.

Kubathandi bokufunda, inewozawoza, bazithola befisa ukuyithenga. Bonke abantu abathanda ukufunda bazoyijabulela kakhulu le ncwadi. Ngiyayitusa kakhulu. Ibhaleke yahleleka kahle. Yenza umqondo omuhle futhi umlingisi ogqamile ulandeleka ngendlela eyenza umdlandla.

Izingane zizoyijabulela kakhulu le ncwadi. Umlingisi uvezwe kahle kakhulu, futhi uyalandeleka. Wonke umuntu ufisa ukwazi ukuthi uzophelelaphi.

Ibhaleke kahle kakhulu nobuciko bemidwebo buyaheha. Ngifisa ukuyifunda kaningi ningi. Ulimi lusebenziseke kahle. Ukungadikibali komlingisi omkhulu nalapho eselimele engasakwazi ukudlala esehambe ngezinduku kwenza ungayibeki phansi le ncwadi ufune ukwazi ukuthi kuzogcinaphi.

Other reviews of this book

No more reviews of this book were found

Dear readers.

Welcome to Puku’s new website and children’s bookstore. We are excited to introduce a rich selection of children’s books in South African languages, to readers young and old.